Trending Topics

UMnyango Wezempilo EMpumalanga Uthatha Izinyathelo kubabahlengikazi Ngemva Kwezinsolo Zokuhlukunyezwa Kweziguli Esibhedlela SaseTonga

CLICK HERE to read the story in English UMnyango wezeMpilo eMpumalanga usuqalile ukuqondiswa izigwegwe kubahlengikazi abathathu basesibhedlela sasoThongathi kulandela izinsolo zokungaphathi kahle isiguli, uLydia Makhoba. Lesi sigameko, esenzeka mhla ziku-21 kuNdasa 2025, sathola ukunakwa komphakathi ngemuva kwevidiyo ekhombisa ukuhlukumeza esabalale ezinkundleni zokuxhumana. Imininingwane YesigamekoNgokwesitatimende somnyango esikhishwe ngomhlaka 24 kuNdasa, uMakhoba—owangeniswa ngomhlaka-13 kuNdasa ngenxa yezinkinga ezihambisana noshukela onyaweni kanye nomfutho wegazi ophakeme—wayecele ukuzikhulula ngemuva kokuphuza imithi yokuqunjelwa. Ngesikhathi abahlengikazi beyoyolanda okokumsiza, wazama ukukhasa eya endlini yangasese, okwaholela kulesisigameko sokuthi ahlukunyezwe ephansi. Ekubuyeni kwabo onesi belekelelwa ngabathwali bamphakamisa uMakhoba bambuyisele embhedeni ngenxa yobukhulu bomzimba wakhe. Kodwa-ke, kamuva wabika ukuthi omunye umhlengikazi wasebenzisa inhlamba futhi wamphatha kabi ngokumbamba ngemuva kwentamo ngesikhathi bemphakamisa. Umhlengikazi okukhulunywa ngaye wavuma ukuthi ubambile entanyeni kodwa waphika ukuthi wamshaya. Isiguli esingumakhelwane ngokombhede saqinisekisa amazwi kaMakhoba. Umnyango uxoxisane nabo bonke abathintekayo, okuhlanganisa nomndeni wesiguli, wabe usubiza abahlengikazi abathathu ukuze bazosho izitatimende ngaphambi kokuqhubeka nokuqondiswa kwezigwegwe. Ukufa Kwesiguli Futhi Kubiza Uphenyo OluzimeleUMakhoba usedlulile emhlabeni nakuba imbangela yokushona kwakhe ingakadalulwa. Yize uMnyango wezeMpilo esifundazweni uzibophezele ekuphenduleni, iDemocratic Alliance (DA) inxuse ukuthi iHealth Professions Council of South Africa (HPCSA) yenze uphenyo oluzimele. I-DA iphinde yaveza ukukhathazeka ngezinselelo ezibanzi zohlelo lwezempilo lwaseMpumalanga, okuhlanganisa ukushoda kwabasebenzi, abasebenzi bezokwelapha abasebenza ngokweqile, nengqalasizinda egugayo,okuyizinto abathi zinomthelela ezigamekweni ezinjengalezi. UMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe...
spot_img

Popular

Most Recent

Most Recent

Most Recent